By Nokulunga Nzuza
Kube usuku olugcwele injabulo nentokozo kuMphakathi wase Dondotha okuyisigodi esingaphansi kukamasipala uMfolozi ngenkathi umnyango wezemidlalo, ubuciko namasiko uvula izicabha unikezela nge-Siyabonga Sangweni Sports Complex esizodluliselwa emphakathini wendawo.
IDondotha isigodi esidume kakhulu ngowayengukaputeni weBafana Bafana kanye ne-Orlando Pirates, unozinti nomdlali wasemuva, uSiyabonga “Nsimbi” Sangweni, Lomcimbi wokudlulisela izintambo uzophinde uhloniphe uSangweni owaziwa njengeqhawe kwezemidlalo zendawo.
“Ngibongela abantu abakhele lomphakathi kanye neNkosi esakhe ngaphansi kwayo ngiphinde ngibonge uNkulunkulu ngoba ngaphandle kwakhe konke lokhu bengeke kwenzeke,” kubonga uSangweni.
Kube sekubanjwa imidlalo eminingi okubalwa kuyo umdlalo ohlanganisa I Orlando Pirates Legends Kanye ne Kaizer Chiefs Legends. Lemidlalo ibibanjelwe ukujabulisa abathandi bezemidlalo.
Inkosi ephethe kwesakwaMthethwa nayo ibe isibongela umphakathi wasesigodini sayo.
“Ngiyabonga ngentuthuko elethwe kuleliwadi ngoba sinikezelwe ngenkundla yebhola ebukekayo. Ngiyabona ukuthi kunezindawo lapho izingane zingadlala khona,” kubonga inkosi.
Ungqongqoshe wezemidlalo kwisifundazwe saKwaZulu-Natal, uDr. Ntuthuko Mahlaba ugcizelele iphuzu lenani elisetshenzisiwe ekwakhiweni lenkundla yezemidlalo:
“Sangweni siyabonga ngokuba negalelo elikhulu emhlanganweni wethu namhlanje ngoba kuwo lomcimbi sizohlonipha igalelo lakho olidlalile kulomphakathi, lokhu kungikhumbuza amazwi kaTata Mandela ethi ezemidlalo ziyinhlangano ehlanganisa isizwe, kuyangenza ngijabule ukuthi sihlanganile lapha ngalesi sikhathi esimnandi. Thina nohulumeni sisebenzise imali elinganiselwa ku 48 million ukwakha le nkundla yezemidlalo,” kusho uMEC uDkt. Mahlaba.