By Nokulunga Nzuza and Busisiwe Ngcongo
Intsha yophiko lwentsha yoMkhonto WeSizwe isanda kuphuma ngobuningi bayo ukuyozwakalisa izikhalo kuMasipala waseThekwini ngokungabibikho kobulungiswa ekwabeni imisebenzi nangendlela yokuqasha abantu.
Le mashi ibisuka eKing Dinuzulu Park eThekwini iya eCity Hall.
Umdidiyeli woMkhonto Wesizwe Party uNdabezitha Biyela uthe inhloso yabo ngokuhambisa lolu hla lwezikhalo wukuba yizwi labangenazwi.
“Sisebenzisa amalungelo ethu ekutheni uma singaneliseki ngezinto ezenzekayo siziveze ngezindlela ezihlukene. Thina-ke indlela esibona izosisebenzela wukuhambisa lolu hlu lwezikhalo eMkhandlwini weTheku noma loMkhandlu esiyokhononda kuwo kuyiwo kanye esikhala ngawo,” kusho yena.
Elinye ilungu elingazithe linguNkk Mbulazi lithe: “Le mashi ihlelwe yintsha eneziqu nengosomabhizinisi othola ukuthi ayikwazi ukungena emikhakheni eyifundele ngenxa yokuthi kuqashwe kakhulu abantu bokufika, ikakhulukazi abafike ngokungekho emthethweni.”
UMpolokang Matsosa, elinye ilungiu, uthe: “Thina siyintsha yaseNingizimu Afrika sifuna ushintsho namathuba emisebenzi.’’
Wengeze ngokuthi intsha ayinamsebenzi, okuholela ekutheni igcine isigcwala imigwaqo yenza izinto ezingalungile ezinjengobugebengu.
U-Asanda Cebekhulu, okhulumela intsha kuWadi 86 eMlaza, eningizimu yaseThekwini, uphawule ngesizathu esimenze wamasha.
“Kubuhlungu ukuthi intsha ihlale ekhaya ekubeni uma kuphuma izikhala zamathuba omsebenzi sisebenzisa imali yethu ukulungisa amaphepha adingekala nokuzicijela inhlolokhono (kodwa) emva kwalokho ugcine ungabizwanga ngisho ukubizwa. Sinethemba lokuthi sizozwakala njengoba sesilusukumele lolu daba siyintsha.”
Intsha yeMK Party isho ngazwi linye ukuthi ikhathele wukubhuquza emakhaya, yingakho izovotela le nhlangano ekholwa wukuthi izodala amathuba omsebenzi.