By Nomzamo Mntungwa and Noluthando Dlamini
Ngemva kokhetho ezweni izolo, intsha yaseThekwini, iphawule ngokuthi kusho ukuthini ukuvota kuyona.
UShongani Ndebele uchaze izizathu ezimenze wayovota. “Isizathu esingenze ngayovota namhlanje wukubona ushintsho nentuthuko emphakathini wangakithi”
Wengeze ngafisa kushintshe ezikhungweni zokuvota. “Ushintsho engifisa ukulubona wukuthi kuqashwe intsha ngoba ngithe uma ngifika esikhungweni sokuvota kusebenza abantu abakhulile, abantu abaqashiwe abanemisebenzi, okusho ukuthi basebenza kabili kube kukhona abangasebenzi,” kusho yena.
UNolihle Miya, onqume ukungavoti, uchaze ngesinqumo sakhe.
“Amaqembu aphethe awayilethi intuthuko emphakathini. Emphakathini wangakithi amanzi aphumayo empompini awekho esimweni esihle ukuthi ungapheka ngawo futhi uwaphuze. Lokhu ngazalwa imigwaqo iwubhuqu. Isidingo sokuvota angisibonanga ngoba namanje kukhona abantu abasalala ezindlini zodaka, ezomxhaso bagcina ngokuzibhalisela, ngakho-ke ngithathe isinqumo sokungavoti.”
UXolisani Ndwandwe uthe ukuvota kubalulekile kuyena ngoba selokhu ahlakanipha lilodwa iqembu elisabusa futhi alisezi noshintsho.
Uthe: “Nginethemba lokuthi ivoti lami lizokwazi ukusilethela elinye iqembu elizofika nentsha ezokwazi ukuletha ushintsho eNingizimu Afrika. Siphila kwesinye isikhathi, luyadingeka ushintsho. Ngalokhu kungakwazi nokuthi kwiKhabhinethi kungene intsha njengoba kugcwele abantu asebekhulile.”