By Bonginkosi Zondi
Othisha bamabanga aphezulu emfundo eMkhunya Circuit e-Ugu District, oGwini oluseNingizimu yaKwaZulu-Natali, bazakhele uhlelo olusiza abafundi baphase kangcono.
Lolu hlelo lwenziwa ngezimpelasonto, lapho kuhlanganiswa izikole ezihlukene zalesi siyingi, kuhlaziywe izifundo ezixaka abafundi.
URichard Sibiya, uthishanhloko waseSiphelile Secondary School, uthe lolu wuhlelo luhlukene kabili futhi lunobudlelwano namanye ama-Circuit.
“Ngokujwayelekile othisha bayaye bahlangane ngokwezifundo abazifundisayo bahlele izinsuku abazohlanganyela ngazo nabafundi. Kuyaye kwenzeke kube ngabafundi abavakashela kwezinye izikole noma kubengothisha. Lolu hlelo alugcini lapha eMkhunya Circuit, kepha kuyenzeka lukapakele nasezikoleni zaseDududu Circuit. Inhloso yalolu hlelo wukuthi izikole zendawo ziphumelele zonke ngokufanayo,” kusho yena.
USibiya ukholwa ukuthi ukhona umehluko owenziwa yilolu hlelo kubafundi. “Siyaye sibone abafundi bebanomdlandla uma kuhlangene izikole ezihlukene. Kuvela nethuba lokwakheka kobungani obusha. Kugcine sekubanomthelela omuhle ngoba bagcina sebezenzela izindlela zokufunda ezinkundleni zokuxhumana. Uthisha nothisha unendlela yakhe yokufundisa, ngokunjalo nabafundi bayaye bayizwe kangcono into uma iphuma kumuntu abangamjwayele,” kusho yena.
UKhetha Mfeka, uthisha eSivelile Secondary School, uthe nakuba kuwuhlelo olunezithelo ezinhle kepha zikhona izingqinamba ababhekana nazo.
“Luhle lolu hlelo ngoba siyizikole ezisemakhaya ingqalasizinda nezinsizakusebenza ziyashoda, ngakho-ke sigcina sesilekelelana. Inselelo iyaye ibe sekutheni ezinye zezikole zisalela emuva, lokho kwenza kube nzima ukuthi uhlelo luqhubekele phambili ngokushesha,” kusho yena.
UMfeka wengeze ngokuthi ukushoda kwemali kubafundi nasemakhaya abasuka kuwo ngezinye zezinkinga ezibuye ziphazamise ukusebenza kwalolu hlelo.
Nakuba zikhona izingqinamba kodwa othisha bakholwa wukuthi bazokwazi ukubhekana nazo.