Nomzamo Mntungwa noNoluthando Dlamini
UZanele Mbokazi-Nkambule, umsunguli wama-Crown Gospel Music Awards nobenguumsakazi womsakazo Ukhozi FM, odlule emhlabeni ngemva kokugula, ukhunjulwe enkonzweni ebise-God Never Fails Revival Church eDurban Station, eThekwini, izolo.
Kule nkonzo bekutheleke izinkumbi zabantu ukuzogubha impilo yakhe. UDudu Khoza, umsakazi woKhozi FM nomngani kaMbokazi-Nkambule, uzwakalise ubuhlungu obukhulu ngokudlula kukaMbokazi, wathi akalahlekelwe nguzakwabo kepha ulahlekelwe ngudadewabo.
“UZanele ubeyingelosi uqobo lwayo. Umndeni, abangani nabalingani badlula esikhathini esinzima kakhulu lapho kufanele bayibambe ishisa injalo insimbi,” kusho lo msakazi wohlelo uJabul’ ujule.
UNokulunga Madondo, okhulumela ibandla lase-St Francis Xavier Catholic Parish, ibandla akhulele kulona uNkk Mbokazi-Nkambule, udlulise amazwi enduduzo egameni lebandla.
Uthe: “UMbokazi-Nkambule yinkulu indima ayidlalile ebandleni. Uma ngingaqala ngibale, kungashona ilanga. Namhlanje akasekho phakathi kwethu kepha ushiye isibani esiyokhanya ingunaphakade, okuyimsebenzi yakhe emihle ayenze esaphila. Ukuhlala ngaphansi kwesandla sikaJesu kusize kakhulu ngoba sihlangene namhlanje ngegama lakho, yize usukhona ngokomoya.”
UGcwalisile Mbokazi-Gwala, obekhulumela umndeni wakwaMbokazi, ubonge ithuba
kuMbhishobhi Mpendulo Nkambule, umyeni kamufi, lokuthi bakwazi ukuvalelisa udadewabo. Uthe ukuhamba kwengane engaphansi kwakhe ngeminyaka kubalimaze kakhulu.
“Ubewuthanda umndeni udadewethu. Sonke isimo esenzekayo ubesisukumela. Noma ngabe yinto ephuthumayo, ubehlale enza icebo. Akukho akutshale
emndenini okudlula uthando nenhlonipho,” kusho uNkk Mbokazi-Gwala.
U-Kitty Mbokazi-Zulu, udadewabo, uthe uzokhumbula zonke izinsuku zenjabulo abazihlale nodadewabo.
“Mina udadewethu bengimbiza ngephara ngoba ubeyigida kakhulu ingoma. Lona
wumzuzu onzima kakhulu ngoba angikaze ngicabange ukuthi ngiyokuma phambi
kwabantu ngifakaze ngaye engasekho. Sikhulekela ukuthi siqale futhi sigcine ngaye
isifo somdlavuza, singashawa yinduku eyodwa kaningi siwumndeni,” kusho yena.
UYolanda Myeza, indodakazi kamufi, ithe unina ubebathanda kakhulu futhi
ubakhulise kahle wabafundisa ukusaba nokudumisa uNkulunkulu.
“Umama wethu ubeseseka kukhona konke esikufisayo. Sibuhlungu kakhulu ngokulahlekelwa kepha siyabonga ngoba sinoBaba osithandayo. Siyabonga kakhulu ngokwesekwa okuvela kubantu kusukela mhla umama egula kuzekube yinamhlanje,” kusho yena.
UNkk Mbokazi-Nkambule uzongcwatshwa kusasa eMariannhill, ngasePinetown.