WuBonginkosi Zondi
Njengoba izwe belisonga iNyanga yamaGugu, imigubho ibithe chithi saka futhi inesasasa. Okuqaphelekile wukuthi minyaka yonke okusuke kuseqhulwini wukubaluleka kwemvelaphi yomuntu ngamunye nokonga ulimi.
Umsunguli weqembu lengoma yabantu abasha Inkwazi Group uMnuz Thembela Mkhize (22) waKwaDumisa, eMkhunya, ogwini oluseningizimu, ukholwa wukuthi intsha kufanele izihluphe ngamasiko nezinye izinto zomdabu.
Ekhuluma neziko lezindaba i-Credible Source, uthe ziningi izingqinamba abhekane nazo ngaphambi kokuphothula uMatikuletsheni, okubalwa kuzo ukusungula iqembu.
“Emva kokuba ngiphothule uMatikuletsheni, ngaya eThekwini kodwa izinto zangahamba kahle, ngase ngibuyela ekhaya. Ngokubuka indlela abafowethu nodadewethu abakhula okufaka kuzo izingqinamba ezinjengezidakamizwa, ubugebengu nokukhulelwa kwentsha ngafikelwa wukuthi ngiqale leli qembu kube yiyonanto esenza sibematasa futhi sithokoze,” kusho yena.
Uthe ingoma yesiZulu ifana nento aphila ngayo futhi akholwa wukuthi imhlanganisa nemvelaphi yakhe.
”Okubalulekile wukuthi intsha kufanele iyeke umkhuba wokungalandeleli izinto zesintu nokuthi abantu abasha baziwe njengabacwila kakhulu ezinkambeni zikaFaro. Nakuba kungahambi ngendlela umuntu afisa ngayo, kodwa ikhona inqubekelaphambili,” kusho yena.
Uqhube wathi ingoma baphila ngayo emakhaya ngoba bonke bathanda umculo
kamaskandi.
“Mina ngikhule ngigida ingoma eqenjini elaziwa ngokuthi Abasocongi. Uma ubheka ibhola lezinyawo yinto ejwayelekile cishe yonke indawo kodwa uma ubheka ezindaweni ezihlukene kunzima ukuthola amaqembu engoma abantu abasha, okuyinto engeyinhle kithina esithi siyaziqhenya ngobuthina,” kuqhuba uMkhize.
Uthe ukusungula leli qembu uhlose ukuphosa esivivaveni sokuqeda isihlava sokwaziwa kwentsha njengabantu abacwile emanzini amponjwana.
Uthe ukushintsha kwesikhathi akuyona into engavimba intsha ekuzibandakanyeni nezinto ezithinta isintu.
UMkhize uthe ngokusina ingoma sebezakhele igama ngoba sebeziwa ezindaweni ezihlukene njengakoMfume, e-Adams naseJolivet kanti ufisa kubenemincintiswayo emikhulu yengoma yesiZulu ukuze kugqugquzeleke ukuzigqaja ngesiZulu nemvelaphi.
UMnuz Zakhele Dlamini (45), waseMkhunya, uthe yinto ejabulisayo ukubona intsha izibandakanya nengoma yesiZulu nokubaluleka kokuziphatha ngendlela.
“Leli qembu lihlangane phambi kwethu. Okuhle wukuthi nobengabangaza ngicabanga ukuthi imiphumela uyayibona manje. Kuhle ukubona intsha izibandakanya nezinto zesintu. Ngikholwa wukuthi bayacijana nangolunye ulwazi bebodwa akugcini nje ekusineni ingoma,” kusho uDlamini.