By Nomzamo Mnguni
Abafundi bezikhungo zemfundo ephakeme ezahlukahlukene KwaZulu-Natal baphume ngobuningi babo bekhombisa ubumbano, nalapho bezwakalise izikhalazo zabo ngengxenye yabafundi abaphucwe umfundaze wohlelo lwe-National Student Financial Aid (NSFAS), emashini ebisuka kuBotha eKing Dinuzulu park, enkabeni yedolobha iTheku.
Lemashi kade ibheke eCity Hall lapho ekade beyophakamisa khona izikhalazo.
Labafundi kade beqhamuka ezikhungweni ekubalwa kuzo iNyuvesi yaseThekwini yozobucwepheshe (DUT), iCoastal college, eThekwini college, Elangeni college, iNyuvesi yezobuchwephe i-Mangosuthu, kanye neNyuvesi yaKwaZulu-Natal.
Oyilungu le Economic Freedom Fighters Youth Command (EFFYC), uBantu Faku uveze ukuthi labafundi baphucwe ngaphandle kwesizathu uxhaso lwe-NSFAS.
“Sizoletha izikhalazo zethu kuNgqongqoshe wezemfundo ephakeme ukuthi akekho umfundi ofanele ukuphucwa umfundaze kungenasizathu, bonke abafundi abalungele ukuba nomfundaze akumele bephucwe kungekho sizathu esiphathekayo,” kusho uFaku.
Ongumfundi wase eThekwini TVET College, u-Andiswa Dladla uthi abasenayo nendawo yokufihla ikhanda ngenxa yokuthi omastende babakhomba indlela ezindlini zabo.
“Siyingxenye yalemashi ngenxa yokuthi sifuna ukuveza izikhalazo zethu ngomfundaze uNSFAS, Siyakhishwa ezindlini zethu ngenxa yokuthi umfundaze awukhokhile futhi asiyitholi nemali yanyanga zonke okumele siyithole, lokho kuyasicindezela ekutheni sifunde kahle nasesikoleni,” kubeka u-Andiswa.
Labafundi bebenethemba lokuthi bazodlulisela uhlu lwezikhalazo zabo kuNgqongqoshe wezemfundo ephakeme uNobuhle Nkabene, kanye nezikhulu zakwa NSFAS eCity Hall, kepha ke akuhambanga ngendlela njengoba kungafukanga muntu.
Omunye wabafundi ongazidalulanga igama ufunge wagomela ukuthi uma kudlula izinsuku ezingu-14 bengayitholanga impendulo, bazozithathela umthetho ngezandla.