By Nomzamo Mnguni
Induna yase-Mkhobosa ku-Ward 16 ngaphansi kukamasipala uMhlathuze, uNkosikhona Mkhize, ihambisana namaphoyisa bavakashele izitolo ezingama zabokufika bengalidelwe.
Bebeyohlola isimo sempahla edayiselwa umphakathi. Lokhu kuza ngemuva kokuba amalungu omphakathi ezwakalise ukukhalaza ngesimo esingagculisi sempahla edayiswa kulezi zitolo. Umphakathi uphinde waba nezikhalazo ngenhlanzeko.
“Umphakathi uveze izikhalazo zokuba impahla edayiswa kulezi zitolo ayikho esimeni esilungile, njengoba uthi udayiselwa impahla esiphelelwe isikhathi kanti uphinde wakhala ngokuthi abadayisi bakhona balala phakathi ngaphandle kokuhlukanisa amagumbi okulala nawangasese,” kubeka uMkhize.
Oyilunga lomphakathi uNokuthula Hlongwane uphawule ngokuthi ukuya edolobheni kubathathela imali. “Asisakwazi nokuthenga isinkwa noma amaqanda ngoba siyazi sothi siyathenga kanti akukho sesimeni esilungile. Ngeke ugibele uye edolobheni, umoshe imali uyothenga isinkwa namaqanda. Besithi ziwusizo kanti lutho. Nokuhlanzeka nje kulezi zitolo akukho. Ilokho nje okusisababisayo. Sesibonga induna yendawo ukuthi isisukumele kuloludaba ngoba asineme ngalezitolo.”
UMkhize uthi nemfuyo yabanikazi bezitolo igcinwa ngaphakathi. “Kukhona namakati azulazula esitolo ngaphakathi okusho khona ukuthi umphakathi ukhala ngenhlanzeko engekho ezitolo, sase sibheka nama phepha abagunyaza ukuthi bedayise ukuthi ngabe akhona yini futh asemthethweni yini,” kuqhuba uMkhize.
Abanikazi bezitolo banqabile ukuphawula.