By Ntombifuthi Buthelezi
Abaneme ngobuholi bukaMongameli uCyril Ramaphosa omama ababambe iqhaza kumbhikisho oqale eKing Dinuzulu Park waze wafika eCity Hall eThekwini.
Bathi izikhalazo zabo ngomongameli zimayelana nabokufika.
Ongaphansi kwenhlangano ebizwa ngokuthi Abahlali Basemjondolo, uNkosikazi Nomagugu Zulu, uthe akukuhle ukuthi abantu baseNingizimu Afrika abaningi abanayo imali eyanele yokuthola izindawo zokuhlala maphakathi nedolobha. “Uma ungathi uyabuka iningi lamafulethi alapha eThekwini agcwele abantu bangaphandle abangenawo abaphepha abagunyaza ukuba kuleli,” kuchaza uNkosikazi Zulu.
Kulonyaka sesibone imibhikisho eminingi ethi kumele bahambe abokufika kuleli. Ezinyangeni ezedlule iMarch in March ike yazibonakalisa nayo. Siphinde sabona izinhlangano ezifana ne Put South Africans First kanye ne Operation Dudula bethi nabo bakuyo lendlela ekhomba abangaphandle ekhaya.
Ongaphansi kwenhlangano yomama bamaphinifa, uNkosikazi Lindiwe Mbatha ubekhona naye. “Sekuyisikhathi sokuthi uRamaphosa ehle esikhundleni ngoba kuyacaca ukuthi uyamehlula umsebenzi wakhe, Kungani evumela abokufika ukuba bacanase kuleli, uma ungathi uyabheka izitolo eziningi ziphethwe yibo ekubeni thina silambile. Uma sithi sizidayisela emigwaqeni siyaxoshwa kuthathwe nempahla yethu kodwa laba bokufika abenziwa lutho.”
Ngenxa yokugula nokufa kwezingane ezithenga kuma spaza shop, kuye kwaba nempoqo yokuba wonke umuntu asibhalisele isitodlana anaso. Kuye kwakhalazwa kwezinye izindawo njengoba kuthiwe abantu baseNingizimu Afrika abafikanga kwabe sekugcwala bona laba bangaphandle okungakhomba ukuba abantu baseNingizimu Afika abasekho kulendlela yokuzisebenza ngokuba nespaza noma i-tuck shop.. Abanye bathi babona omama baseNingizimu Afrika behamba nabokufika ukuze atholakale kalula amaphepha. Lapho kubhalisa umama waseNingizimu Afrika kube kungesona esakhe isitolo.
UNkosikazi Mbatha uqhube ngokuthi iNingizimu Afrika ibuswa ogombela kwesabo abahlulekayo ukuthuthukisa umphakathi.
UNkosikazi Zimiphi Ndlovu uthi ingane yakhe isicwile kwizidakamizwa kanti naye uthi lokhu kuyizenzo zabokufika kuleli. “Ukudliwa kwezidakamizwa sekwaba insakavukela umchilo wesidwaba. Izingane zethu zife ziphila ngenxa yawo lomubulalazwe uHulumeni uthule akenzi lutho. Ngangithi umntanami uyoba into ethile kanti cha ngangizikhohlisa ngoba nakhu phela ehambe ecela amashumi iTheku lonke. uRamaphosa akayisukumele indaba yabantu bokufika abakhiqiza izidakamizwa ngoba umakungenjalo lizophela lelizwe.”
Ophethe amaphoyisa kwisifundazwe saKwaZulu-Natal, uNhlanhla Mkhwanazi usola osopolitiki kanye namaphoyisa athi babuye basebenze nezigebengu.