By Sompisi Ntuli
Bonke abafundi abake bacabanga ngezifiso zabo uma sebeqede isikole bebezitamuzela ngolwazi e-International Convention Centre yaseThekwini kuleliviki.
Bekugwele abafundi bebanga lesishiyagalolunye kule Grade 9 Subject Selection Expo. Labafundi bebevela ezikoleni ezehlukahlukene kanti bezizitapela kulwazi obelukhangiswa izikhungo zemfundo ephakeme efana neNyuvesi YaseThekwini Yezobuchwepheshe (DUT) kane ne Elangeni TVET College.
Abasuka kulezi zikhungo bathi kubalulekile ukuba abafundi babhekisise konke okungabasiza ngekusasa labo. “Into elimaza abafundi, iphinde yenze namazinga okungasebenzi anyuke, ukufuna ukwenza izinto ngoba nakhu zenziwa abanye abantu,” kuho uShevika Reddy obambe esikhundleni sikaMqondisi wezokuxhumana nezentengiso Elangeni TVET College.
“Izikhungo ezifana nama TVET zibamba iqhaza kwezemfundo ngoba zinika abantu abanekhono lomsebenzi wezandla ithuba lokubamba iqhaza emnothweni,” uReddy eqhuba.
U-Reddy ukhuluma ngokubaluleka kokwazi ukuba yini ekumele umuntu ayifunde, isiza ngani, kuyaqasheka yini kuyo kanti azi nomehluko phakathi kwenyuvesi neTVET.
Abaqhamuka ezikoleni ebezikhona bathi kumele abafundi balibukisise bebancane ikusasa labo ukuze bakhethe ngendlela.
“Kumele uzazi izifundo onamandla kuzo kanye nalezi obuthakathaka kuzo, ungakhethi izifundo ngoba zikhethwa abangani bakho, noma kuyilezi ezifunwa abazali bakho,” Wendy Khanyile wesifunda i-Pinetown, ophethe Izidingo Ezikhethekile nezidingo Zemfundo ngaphansi koMnyango Wezemfundo esifundazweni i-KwaZulu-Natal.
Lokho kudinga nothisha abazimisele kanti nabahlimile ngolwazi. “Xhumana nothisha bakho uma udinga ukucaciselwa ngezifundo onamandla kuzo,” uKhanyile egcizelelela.
Izikole zithi nabazali akumele basale ngaphandle ngoba bake bazidukise izingane zabo uma bengacijile ngokwanele.
“Ngokubona kwami kuyaphoqa ukuthi abazali babafundi bamenywe ohlelweni olufana nalolu ngoba singakhuluma la, abazali bezitshele okunye emakhaya izingane,” uAsande Ngcama, uthisha waseHavenpark Secondary School.
“Abazali kumele baze bazofundiswa ngokubaluleka kokuthi baqinisekise ukuthi abantwana babo bakhetha izifundo ezifanele amakhono azo,” eqhuba uNgcama.
Loluhlelo olokuqala kulesisifunda seTheku njengoba kuye kukuhlelelwe abafundi bebanga le shumi nambili kuphela.