By Gugulethu Jali
Ushenxile esikhundleni sokuba umqeqeshi wePenting 505 FC, emva kwezinsongo eziqhamuka kubadlali beqembu.
UGugulethu Cele ongumqeqeshi waleli qembu ukhale ngokuthi kunengxenye yabadlali abamsongelayo kulandela ukungenzi kahle kweqembu kuDUT Residence League.
Ngokusho kukaCele, uthi iqembu bese lehluleke ukunqoba imidlalo emihlanu abayidlalile kusukela iqalile iligi.
“Kuqala lonyaka, konke kwakuhamba kahle, kushintshe la sekuqala ukuhlukana kweqembu phakathi abadlali bengasafuni ukuzilolonga futhi uma kunomdlalo, bonke bafune ukudlala kanye kanye,” kusho uCele.
Uthe izinsongo zokusatshiswa wazithola ngomlayezo.
“Ngicabangele ukuphepha kwami njengoba ngathola ngomlayezo kuWhatsapp ungisongela, okuyikho okungenze ngashiya esikhundleni ngokuphazima kweso,” usho kanje.
I-Penting 505 FC iqede inamaphuzu ayisishiyagalolunye kwi ligi emuva kokushiya komqeqeshi. Iphinde yahluleka ukudlulela emzuliswaneni olandelayo njengoba yaguqiswa i-Persada FC ngo 5-4 sekukhahlelwa aphenathi, emdlwalweni owawuphele ngo 0-0, eCurries Fountain Stadium.
UKaputeni weqembu, uThabani Makhanya uveze ukuthi ubudlelwane babadlali nomqeqeshi bebuhle kwesinye isikhathi bubebubi.
“Mina naye asikaze sihilizisane ngingazike noma mhlampe khona obekwenzeka eceleni mina engingakwazi. Ukuhamba kuka mqeqeshi kusimangazile yize engasitshelanga isizathu sokushiya kwakhe iqembu futhi emva kokuhamba kwakhe, siyatshelana sodwa uma kukhona ophuma esandleni,” kusho uMakhanya.