Nhlakanipho Mnqayi
Inkampani eluleka ngezezimali iphinde ibolekise ngemali yokufunda uFUNDI, namuhla yethule iFundiHealth ehlose ngalo ukuvala igebe, iphinde iqhamuke namasu okusebenzisana ukuze izitshudeni zikwazi ukufinyelela ziphinde zinakekeleke ngokwezempilo uma zisemanyuvesi.
Le nkampani yethula lolu hlelo-nje, ibambisene nezinkampani ezahlukene okubalwa kuzo iMomentum, Lancet Laboratories, ABX Health namanye. Izitshudeni ezizojoyina, zilindeleke ukukhokha ipremium njalo ngenyanga eqala ku-ku-R210 kuya ku-R279 ngenyanga ukuqinisekisa ukuthi zithola ukunakwa okusheshayo futhi okudingekayo ubusuku nemini.
Obekuseqhulwini ngesikhathi kuqhubeka ingxoxo phakathi kuka-Nksz Mala Suriah oyisikhulu esiphezulu kwa-Fundi, uDkt Katlego Mothudi ongumqondisi jikelele ebhodini lakwa-Healthcare, uMnuz Damian McHugh oyisikhulu sezokumaketha Kwa-Momentum, uDkt Molikane Masenya onguSihlalo wakwa-Lancet Laboratories kanye noMnuz Charles Irumba ongumqondisi jikelele kwa-Fundi Health ukuthi izinga lokuhlukumezeka ngokomqondo liyanda futhi impilo yasenyuvesi ibeka abafundi engcupheni yokuthi bangenwe yizifo ezithelelanayo, ukhwantalala kanye nengcindezi nayo idlala indima enkulu kwizitshudeni.
“Uma kuziwa kwezempilo ingxenye eningi yezitshudeni ihlangabezana nezingqinamba okubalwa kuzo ukuswela, ukungafinyeleli kwezikhungo zezempilo ezizokwazi ukuthi zibaseke ukuqinisekisa ukuthi njengoba befunda, bayakwazi ukuthola usizo olwengeziwe ngaphandle kokufunda.”
“iFundi Health izokwenza ukuthi izitshudeni zifinyelele kalula kwezempilo ngoba isebenzisa ubuchwepheshe besimanjemanje, njengoba nabafundi besebenzisa ezobuchwepheshe. Iphinde ikwazi ukuhlinzeka ngezempilo ubusuku nemini. Siyaqonda futhi ukuthi izitshudeni zidinga ezempilo ezihambisana nempilo yazo,” kusho uNksz.
Isikhulu sakwa-Lancet Laboratories, uDkt Molikane Masenya, uthe ukwethulwa kwalolu hlelo, akusikhona nje ukwenza ibhizinisi kodwa ukuzibophezela.
“Ezinye izitshudeni azinayo ngisho imali yokuyobona udokotela, ukuthenga imishanguzo, ukuthola incwadi kadokotela ezokwenza kuhlehle izivivinyo zazo nokunye. Lezi yezinye zezingqinamba izitshudeni ezibhekana nazo. Nginethemba lokuhi lolu hlelo luzoletha ushintsho olukhulu. Njenge nkampani yakwa-Lancet siyaqinisekisa ukwenza ezempilo zitholakale kwizitshudeni ngamanani aphansi,” kusho uDkt Masenya.
Uthe iningi alizinaki izitshudeni okuyingakho behalalisela inkampani uFundi nezinye ngokuqinisekisa ukuthi kukhona abakwenzayo ngalokhu. Uthe leli gebe kuyadingeka ukuthi kubekwe kulo eqhulwini izitshudeni ukuqinisekisa ukuthi impilo nekusasa lesizwe sakusasa ayifi. Ubalule nokuthi imitholampilo yasemanyuvesi idlala indima enkulu ekuletheni ezempilo kodwa ibhekana nezingqinamba okubalwa kuzo ukushoda kwabasebenzi nezikhathi ezincane zokusebenza.
Uveze nokuthi ezempilo ezingekho esimeni zenza umuntu angezi kahle ezifundweni zakhe, abanye bayeke nokufunda.

