Nhlakanipho Mnqayi
Kuhlengezele izinyembezi zenjabulo kumsunguli we-Sbu Maths Project, uMnuz Sbusiso Makhathini ngesikhathi abafundi abafundisa isifundo sezibalo, iMathematics bembonga ngegalelo lakhe alidlalayo ukuze benze kahle kulesi sifundo.
Lokhu kwenzeke ngesikhathi uMnuz Makhathini eklomelisa abafundi abenze kahle kulesi sifundo kusukela ngo-term 1 kuya ku-term 4 nonyaka emcimbini obubanjelwe ehhotela iGarden Court, eThekwini ngoMgqibelo.
Abafundi benze lokhu bekhombisa umehluko osuwenziwe yilolu hlelo uma beqhathanisa izinga lamamaki abebewathola ngesikhathi bengakangeni ngaphansi kwalo.
UNksz Avela Cele owenza umatric, eSastri College, utshele iCredible Source ukuthi ukubonga kwabo uMnuz Makhathini kuwukutshengisa ukubonga kwabo ngomsebenzi awenzayo.
“UMnuz Makhathini uyasisiza kakhulu. Uyasenza ukuthi sizizwe sikhululekile, siphinde sibike kuye uma kukhona okungasiphethe kahle. Ngokwe-maths usisiza ngokuthi sizithembe, aphinde asinike nezinsiza esingazisebenzisa ukuze sikwazi ukuzilungiselela,” kusho uNksz Cele.
UMtima Dube, ofunda eGeorge Campbell School of Technology, uthe uMnuz Makhathini akasiyena utshisha nje kuphela.
“Indlela yakhe yokufundisa ngiyayithanda kakhulu ngoba uba umngani wakho. Akafani nothisha we-maths ekilasini, yena uhlukile njengoba ekubuza ngosuku lwakho ukuthi belunjani, enze amancoko aphinde akuchazele ngezindlela ezahlukile ongeke uzithole esikoleni,” Kubeka uDube.
Nalu uhlu lwabafundi abenze kahle kusukela ku-Term-1 kuya ku-Term-4:
1. Mtima Dube
2. Lela Shirimana
3. Yasser Mohammed
4. Avela Cele
5. Bohlale Mkhize
6. Thando Zwane
7. Liviwe Zukulu no-Lunga Ndlela
8. Thiamo Mothapo
9. Awande Gwala
10. Olwethu Nzama no-Bayabonga Zulu

