By Ntombifuthi Buthelezi
Amapaki angezinye zezindawo ezisetshenziswa abantu ukungcebeleka nokuqeda isizungu. Kodwa eThekwini abuye aziwe njengezindawo zobugebengu ezibuye zilale abantu abadela amakhaya abo.
USiphamandla Mloyi uthi wake wagileka kwenye yamapaki aseThekwini. “Ngangizibuyela emsebenzini, ngabona kungcono ukuba ngidlule esitolo esidayisa okokucima ukoma. Ngabe sengiya epaki ukuyokuqeda ngakhona ukoma, kwazise nelanga lase lithambeme, sekuzipholele kushaya umoya. Ngathi ngisahleli kanjalo ngingaka liqedi nehora elilodwa ngabe sengizwa umuntu ngemuva kwami ethi angilethe konke engangikuphethe. Ngathi ngiyazama ukusukuma ngidle phansi, kwasho khona ukuthi ngasindwa zinyawo njengoba omunye wayesephambi kwami, ehlome eyizingovolo.”
Emazweni ahlukahlukene omhlaba uye ubone umuntu ehlezi ngayedwana ezifundela incwadi epaki, kwesinye isikhathi ubona izithandani zideke phezu kwethawula khona epaki noma abanye bezipholela khona nje. Kodwa izimo ezifana nalezi zenza kube nzima eNingizimu Afrika.
uNkosikazi Phindile Ziqubu ongomunye wabasebenzi bakwamasipala, abasebenza ukukhuculula zonke izindawo zomphakathi. Ukhala ngokuthi akasazizwa ephephile uma ekhuculula kulepaki njengoba sesidlule kwezintathu izigameko, lapho abantu bebanjwa inkunzi ebheke ngawo omabili.
“ Iningi labantu ababamba inkunzi kulelipaki basuke bezigqokele izimpahla ezihloniphekile ongabaphikela ukuthi bengenza ubugebengu obuhleliwe. Uma usalindele ukuthi mhlampe abantu abangakubamba inkunzi ilaba abahlala emgwaqeni impela uyazikhohliwa . Kuyivela kancane kulepaki ukuthi ubanjwe ibona njengoba iningi labo basuke bezilalele bezithamelele ilanga sebedakwe ilomubulalazwe abawubhema nsuku zonke,” Nkosikazi Ziqubu.
Ikhansela lendawo, uMnumzane Renisha Singh, uthe buyamangaza ubugebengu obuhleliwe obenzeka epaki iGugu Dlamini njengoba kuhlezi kugcwele. “Imvamisa yabantu abaqhuba ubugebengu obuhleliwe kusuke kuyilabo ababukeka bethembekile yingakho abantu abasuke besepaki kuzodingeka ukuthi bengahambi ngababodwana kanti futhi bengamuvumeli umuntu abangamazi ukuthi ahlale nabo ukuze bezohlale bephephile, njengoba iningi lezigebengu azisabasabi nabakwasidlodlo sezivele zichanase nje kungabindaba zalutho.”
Umkhulumeli wamaphoyisa esifundazweni saKwaZulu Natali, uMnumzane Robert Netshiunda, uthi abakasidlodlo abalali imini nobusuku bebopha bonke abantu abaphula umthetho. Abakhathalele kuthenjwa njengoba beqinisekisa ukuthi zonke iziphulamthetho ziyakujezela ukona kwazo.
“ITheku seliyindawo engahloniphekile lapho bonke abantu , benza umathanda ngoba bazi ukuthi angeke bajeze, sesiwakhuphulule amasokisi, sivalela kwasani.”