By Philani Khumalo
Ungqongqoshe wezezimali uMnuz. Enoch Godongwane wethule inkulomo yakhe yesithathu yesabelo mali namuhla ebibanjelwe eKapa, Cape Town International Covention Centre (CTICC) emini yantambama. UGondongwane uqale ngokucacisa ukuthi i-VAT izohlala kwiphesenti ebikade ikolona lika-15%. Izabelelo ezehlukahlukene zenyuke kancane
“Isinqumo sokuqeda ukunyuka kwe VAT, ngaphandle kwemali esebenzayo engenayo, kunciphisa kakhulu amandla ethu nezinhlelo zethu ezixhasayo namanye amaphrojekthi ebesiwahlelile esibona ebaluleke kakhulu ezweni,” kuchaza u Godongwane enkulumweni yakhe.
Abanye babahlali baseThekwini bathi bebenethemba lokuba izibonelelo zizonyuka kakhulu kunalokhu abakubonayo. “Inkulumo ka ngqongqoshe bengilindile ukuba kunyuswe imali yethu yabangasebenzi kakhulu khona sizofaka esinye isinkwa endlini ngoba iyashesha ukuphela,” kuchasa ozibike ngoMnuz. Cele.
Umnuz Warren Davis ubona ukuba imali eningi kumele ibheke ezokuphepha kodwa akabonikuhambe kanjalo. “Noma i-VAT inganyukanga kodwa kusanemibuzo ekhona ukuba kungani uhulumeni engafaki isicelo soxhaso kufakwe kakhulu imali kwezokuphepha ngoba ubugebengu budlingile kakhulu , uveze nokuba ayikho ne Army ekhona evikela abahlali basezweni. Uphinde wathi ungqongqoshe kuba thathe izinyanga ukulungisa udaba lwe VAT yena ngokwakhe usola ukuba into esazonyuka futhi abaningi bayoswela imali yokondla umndeni,” kusho uDavis.
Kuthiwa isinxephezelo sabangasebenzi sizo qhutshwa kuze kube ngunyaka ozayo.
Ukhethokuhle Majola obengumfundi waseMangosuthu University of Technology uthi yena ubefisa uhulumeni anike abasafesa kodwa abaneziqu okuncanyana. “Isifiso sami njengoba sengiqedile izifundo zami kepha angisebenzi bengifisa uhulumeni kube khona isamba esiphumayo kulama percent abalwayo enye indlenye iye kuthina ma-magraduate ngoba nemsebenzi ayikho okuncono akube khona esikutholayo okungasisiza siqale awethu amabhazinisi singalokhu sibabaza ama percent esingazi asiza ngani ngoba namanje kusane zinkinga zikagesi amanzi kanti lemali ememezelwayo iyaphi,’’ kusho uMajola.
Iqembu eliye lahambisa uhulumeni enkantolo ngnxa yokunyuka kwentelela kwisabelomali esike saphuma ngaphambilini, i-Democratic Alliance, lithi lijabule kodwa hhayi kakhulu ngoba kusekhona obekungenziwa kangcono. Leliqembu lithi lijatshuliswa ukungenyiki kwentela, imali ezofakwa elulungiseni izingqala sizinda kanye nokuthi akukho mali ezotakula izinkampani zikahulumeni ezingenzi kahle.