By Philani Khumalo
Sibone ingqephu, injabulo kanye nezinyembezi ngenkathi abafundi baseNyuvesi Yezobuchwepheshe yaseThekwini (DUT) bethweswa iziqu kulamaviki amabili edlule.
Kuthiwa akugiywa eDUT kodwa sibabonile abathathe isibindi, bazibamba bekhombisa ikhono kuleyomzuzwana besuka komemezela igama labo beya kobebathwesa isigqoko.
Kuwona lomncimbi obuse Olive Convention Centre ngasebhishi, abafundi bebedlulisa amazwi abo ahlukene okubalwa kuwo ukubonga kubazali babo ngokubeseka base bafike kulesisigaba sempilo.
UReno Lebulo obengumunye wabafundi obethweswa iziqu uthi bekungelula neze eqala enyuvesi njengoba eqala ngonyaka wesifo uKhuvethe,u2020. “Isikole ebengikuso besisemaphandleni ngakho bekunzima ukuthi ngiqonde izinto zokufunda ngosizo lobuchwepheshe. Konke lokhu bekukusha kimi kodwa kuthe kuhamba isikhathi ngazibamba zaqina kwaze kwajayeleka,” kuchaza uLebulo.
Uphinde wathi ukuntuleka kwemisebenzi kuyamethusa
U-Asanda Miya osuka endaweni yase Port Shepstone ubefundela umkhakha wezempilo. Yena ngokwakhe ukholelwa ukuba intsha iziqalele amabhizinisi. “Mina ngiqale ukusebenzisa i- website ebizwa nge-Udemy. Ingisizile kakhulu ukuba ngibe nenzinhelo zokuzilungiselela ikusasa lami. Okwamanje ngisebenza embonini yezimoto i-Hyundai,” kusho u-Asanda.