By Philani Khumalo
Izibalo ziveza ukuba cishe uhhafu wentsha yaseNingizimu Afrika eneminyaka elishumi nanhlanu (15) kuya kwiminyaka engamashumi amathathu nane (34) ibhekene nenkulu ingcindezi yokungasebenzi. Lokhu kwenza intsha eningi esanda kuthweswa imiyezane ibe novalo lokuba engabe izotholakala na imisebenzi.
UNcamisile Xulu osanda kuqeda enyuvesi uthi unovalo njengoba kukuningi okulinde yena.“Ngonyaka odlule kuke kwaba nzima ukuthola okungamatoho ngenyanga kaZibandlela njengoba nginomtwana obheke mina ukuba aqale isikole ngonyaka ozayo. Kuze kwalunga ngawo unyaka ka-2025. Umsebenzi enginawo awuhlobene nalona ebengiwufundela. Ngijabule kakhulu ukuba ngifike kulesigaba sempilo nokuthi emndenini imina owokuqala othule ithuba lokufaka ijazi lasenyuvesi,” kubeka uXulu.
Obengumfundi waseNyuvesi Yezobuchwepheshe yaseThekwini phecelezi iDurban University of Technology (DUT), uBonginkosi Zondi, uthi ucabanga ukuthi izifundo umuntu ekade ezenza ziyamlekelela kakhulu zimusize ukuba mase esebenza akwazi ukusebenzisa lawomakhono nolwazi alutholile ngenkathi efunda.
“Izifundo ebekade ngizenza ngihlomule okuningi kuzona, okuzongisiza kunoma imuphi umsebenzi engiwutholayo ngizosebenzisa kona loku engifundisiwe. Yize nokho umsebenzi walokhu ebengikufundele ngingaqondani nawo kepha ngibonga khona lokhu engikutholayo. Ngingasho nokuthi impilo emuva kokuqeda enyuvesi isahamba kahle. Kukhona okuzamekayo ukuba umuntu aqhubeke nempilo nokubukwa ngumzali ngiphumelela kuyangithokozisa,” kuchaza uZondi.
UNoluthando Ngwenya naye obefunda eDUT enza izifundo ze- Management Accounting, uthi lokhu akufundele emuva kokuba aphothule kuyamsiza futhi kusazoqhubeka kumsize yize umsebenzi ubengakowutholi.
“Yebo engikufundele emuva kokuba ngiphothule ezifundweni ,uhambo olusha lunezinqinamba kunzima ukuba ngithole umsebenzi oqondene nalokhu ebengikufundela. Engimatasa ukuthengisa izingubo, nezinwele (weaves Frontal) umehluko kuyawenza khona lokhu engikukwenzayo namakhona engiwafundile ayangisiza ukuba ngizithuthukise yize isifiso sami kuwukuthola umsebenzi. Ngisamubonga uNkulunkulu ngokuhamba nami loluhambo,” kubeka uNgwenya.
Omunye wabafundi ongathandanga ukuthi igama lakhe lidalulwe ukhale ngokuba ubona sengathi izifundo ebekade ezenza kunzima ukuthola umsebenzi oqondene nakho kanti namanye amatoho awaveli amathuba awo lokhu sekuze kwamfakela ingcindezi ngoba akade enabo enyuvesi impilo iyaqhubeka.
U-Asa Lucia Gxigxa obekade enza izifundo zobuntatheli (Journalism) enyuvesi iDUT uveza ukuba ubenentshisikelo kwizifundo okade ezenza futhi kumusize kakhulu.
“Luthe luqala uhambo aluzange lubelula neze kodwa ke emuva kokuthi ngiqede esikoleni ngibenenhlanhla yokuthola umsebenzi. Impilo isahamba kahle. Nasekhaya abazali batshengisa okukhulu ukungiseka ngenkathi engathi bengisabona kumnyama kungahlangani bakhombise okukhulu ukungiseka , isigaba engikusona sempilo sinezingqinamba zakhona, kepha kukhona okukhombisa iphambili,” kusho uGxigxa.
Ophethe inyuvesi iDUT uSolwazi Thandwa Mthembu utshele umhlangano obukhona ezinsukwini ezimbalwa ezedlula ukuba lenyuvesi ifundisa abafundi ukuzimela nokuba basebenzise iziqu zabo ukuzikhandela amathuba omsebenzi ngenkathi besalinde izimpendulo kwabaqashayo.
“Asikhiqizi abantu abazoma emigqeni emide yokufesa. Abethu abafundi kumele bamelane nempilo, babone isimo sangaleso sikhathi, bese bezivulela amathuba nalapho bengawaboni khona abaningi,” kuchaza uSolwazi Mthembu.