By Nomzamo Mnguni
Kulindeleke ukuthi kubhekane amaqembu ayisithupha emqhudelwaneni wendebe yaKwaZulu-Natal kaNdunankulu ebizwa nge-KZN Premier’s Cup ezodlalelwa enkundleni yezemidlalo uMhlathuze Sports Complex, ngomhlaka 26-27 kuNtulikazi.
Lamaqembu okubalwa kuwo iRichards Bay FC, Golden Arrows FC, Milford FC, Amazulu FC, Durban City FC kanye ne Midlands Wanderers FC.
Ongumqeqeshi we Richards Bay u Brandon Truter uphawule ngokuthi lomqhudelwano wendebe kaNdunankulu uzobanika ithuba lokuthi balungiselele isizini ezoqala ekuqaleni kwenyanga uNcwaba. “Ukudlala lomqhudelwano kuzosenza silungiselele isizini ezayo, nokudlala enkudleni yethu kungasenza siwine futhi sijabulise nabalandeli okuzokwenza ukuthi siqale kahle isizini.”
Amazulu FC izobhekana neGolden Arrows bese kuthi Durban City ibhekane ne Milford FC ngoMgqibelo. I-Midlands Wanderers FC izobhekana ne Richards Bay FC ngesonto. Amaqembu aphumelele kulemidlalo yokuhlunga azoqhudelana emidlalweni emibili yokugcina, okuyilapho okuzobonakala umpetha ozonqoba indebe.
Ungqongqoshe wezemidlalo namasiko, ungqongqoshe obhekene nezemidlalo kwisifundazwe uMntomuhle Khawula, ubeke wathi, kulesi sifundazwe saKwaZulu-Natal bayaziqhenya ngalamaqembu azodlalela indebe kaNdundankulu futhi lesi sifundazwe kumele sihambe phambili kwezemidlalo nasebholeni lezinyawo. “Kulonyaka sinamaqembu amabili angenile ohlwini lamaqembu azodlalela iMTN-8 okubalwa kuwo Amazulu FC kanye ne Richards Bay FC, kanye neqembu elikwazile ukungena kwi Betway Premiership okuyiqembu le Durban City FC, siyakujabulela ukuba khona kwalamaqembu kulemidlalo yendebe.”
UNdunankulu wesifundazwe saKwaZulu-Natal uThami Ntuli uthi kuzobe kungokokuqala ukuba lomqhudelwano ube kulenkundla. “Ngiyazi ukuthi isinqumo sokwenza lomqhudelwano kulenkudla uMhlathuze Sports Complex, kube yinto enhle kakhulu njengoba sivula lenkudla ngokusemthethweni, isikulungele ukuthi kungadlalwa kuyo. Akusikho nje ukuthi abantu bazobuka imidlalo kodwa sizohlanganisa abantu base King Cetshwayo nabase sifundazweni sonkana.”
Abalandeli kulindeleke ukuthi bengene mahhala njengenjwayelo.