By Gugulethu Jali
Yize iKaizer Chiefs yehlulekile ukwehlula izivakashi zayo, iAsante Kotoko emncintiswaneni weToyota, abalandeli bathole idili lokubonana nabadlali kanye nalaba abathatha umhlala phansi ebholeni kodwa abake badlalela leliqembu.
Beziziningi izinto ebezenzenka ngenkathi abalandeli be Kaizer Chiefs bephume ngobuningi babo belibangise eWorkshop, esenkabeni yedolobha ngaphamboi kokuba kudlalwe. Bafike babonana nabadlali base bebona namajezi amasha – elokudlala ekhaya kanye nelokudlala ekuhambeni.
Omunye wabadlali, uGiven Msimango ube esedlulisa amazwi okubonga ngokwesekwa abalandeli beqembu bamaKhosi. “Kuhlala kusithozisa njeqembu ukuza lapha eThekwini. Sihlala sijabule ngoba sithola uthando kanye nenjabulo.”
Izingwazi oTashreeq Morris, Given Msimango, Rushwin Dortley, Brilliant Khuzwayo kanye Siyabonga Nomvethe bebekhona nabo.
Abadlali baphe abalandeli amathikithi, izikibha nokunye okuningi, kanti bekukhona nemincintiswane enemikomelo emikhulu, omunye yemikomelo imoto yakwaToyota njengoba uToyota usebenzisana ne Kaizer Chiefs.
Zithe uma sezitholana phezulu eMoses Mabhida ngoMgqibelo, zabhekana, kwaba uqhude manikiniki wangaba bikho okorayo. Umdlalo uphele ngeqanda ndawo zombili. I-Asante Kotoko iwuthathe ngo 3-2 kuma penalty.