By Philani Khumalo
Ubona ziningi izindlela zokusebenzisa imfucuza ngendlela ekahle konokuba igcolise yonke indawo uMinenhle Simelane osebenzia imfucuza ukuze imenzele inzuzo.
UMnuz Minenhle Simelane (25) nomngani wakhe u-Andile Gamede (23) baseMlazi esigcemeni sakwa-C, baqoqa udoti okubulawa kuwo amaphepha kanye noplasitiki bezinto zokudla bakusebenzise ngendlela ezobakhela inzuzo namathuba amasha.
UMnuz Simelane nMnuz Gamede basebenzisa yona le mfucuza ukuze bakhe omata bokuhlobisa endlini osekuphenduke ukhiye wokuvuleka kwebhizinisi okubenza bathengise labo mata ukuze bathole okokubeka isinkwa etafuleni besebenzisa izandla zabo ukuthunga bahlanganise lodoti osuke ulahliwe. Baveze ukuthi konke kwaqalwa ukubona indawo yangakubo inganakekeleki ngendlela.
“Ukubona indawo yangasekhaya ingcolile lokhu akungahlalisi kahle neze njengoba ngingumuntu okhule eyikhonzile imvelo. Iqhinga engibe nalo ukuba ngizokwenza omata ngawo lo doti olahliwe ukugcina indawo yangesekhaya ihlanzekile. Ukungabi khona kwamathuba emisebenzi yikho kanye okwaholela ekutheni ngiqhamuke nesu elizokwazi ukuba lingiphilise Kanye nomndeni wami.” Kusho uSimelane noGamede.
Bathe leli bhizinisi abaliqala bobabili lishintshe izinto kwazise bebengabhekile ukuthi lingase
lisimame ngalendlela.
“Ukuqala kwethu ukuhlanza indawo yangasekhaya besikwenza ngoba kungekho umuntu amatasa ngakho njengoba kade singasebenzi, inhloso kwakuwukugcina indawo ihlanzekile besingazitsheni ukuba kuzoba ibhizinisi elizosenza siphile.”
“Ikhono lokuthunga ngalincela kwintombi endala ngenkathi ngisamncane ngisahlala Eshowe ugogo ubehlezi ethunga ngimsiza. Isifiso sami enginaso ukuba intsha ibone isibonelo esihle kulokhu okuncane esikwenzayo, ziningi izindlela zokuphilisa futhi sifisa nomphakathi uhlale endaweni ehlanzekile uphile, uphefumule umoya ohlanzekile ngoba ukungcola kwendawo kuyazibanga izifo kubantu kanye nemfuyo,” kuchaza uGamede.
Ngokusho kwalaba bangani, mukhulu umehluko owenziwa yileli bhizinisi njengoba sebeke badla umhlanganiso emncintiswaneni owawusungulwe yinkampani ekhiqiza amanzi i- aQuelle muva nje. Uthe isifiso sabo esikhulu ukuvula amathuba emisebenzi kontanga abakhula nabo eMlazi ukuze kunciphe nezinga lobugebengu nokungcola kwendawo.