Nhlakanipho Mnqayi
Zidlane imilala ngesikhathi iNyuvesi yezobuchwepheshe, iDurban University of Technology (DUT) ikhala yemuka nezindondo kuma-2025 Marketing, Advancement and Communication in Education (MACE) Excellence awards, eGoli izolo.
Kulomcimbi iDUT imuke nezindondo ezine. Ithimba lezokuxhumana lihlabane ngendondo yegolide nge-DUT Excellence 2025 (Semester 1) publication, ngesikhathi linqoba emunxeni we-Printed: Internal magazines and Newsletters. IDUT Alumni Relations and Advancement Unit ithole izindondo ezimbili zethusi nge-DUT Connect Magazine kanye nomkhankaso we-Stakeholder Engagement. Kulezi zindondo ezimbili, iDUT Connect Magazine ithathe izindondo ngaphansi komunxa we-Alumni Campaigns ne-Printed: Internal magazines nama-newsletters, kwathi ibhayiskobho ye-Valentine’s yaqokwa ngaphansi komunxa we-Stakeholder Engagement.
UMqondisi omkhulu eDUT, uMnuz Alan Khan, uncome ithimba ngomsebenzi omuhle wokunqoba izindondo ezine.
“Ngiyaziqhenya kakhulu ngomsebenzi oqhamuke nemikhiqizo ehlukile futhi onomthelela obungazwe kuzwelonke. Ukuqhubeka nokuzinikela ekubekeni iDUT ebalazweni kanye nokugcina izimiso namagugu ombono we-ENVISION2030, kutshengisa ngokusobala ukuthi singobani njengenyuvesi. Ngiyabonga ngokunikela ngesikhathi, ikhono nentshisekelo emsebenzini otshengisa ubuhle be-DUT,” kusho uKhan.
IMenenja yezokuxhumana esanda kuqokwa, uMnuz Tiyani Mboweni, uhambe emagameni afanayo nawaka-Khan nalapho abongele ithimba ngokwenza kahle kuma-MACE awards.
“Ngibe yingxenye yethimba labantu abazinikelayo emsebenzini wabo futhi lomphumela utshengisa ukuzinikela kakhulu ngaphambi kokufika kwami,” kubeka uMboweni.
Uthe ubonga ukwamukelwa ngezandla ezifudumele ezigqugquzelwa ubuhle, waphinde wabongela ithimba ngalokhu kuhlonishwa.


