Nhlakanipho Mnqayi
UMengameli we-Netball South Africa (NSA), uNkk Mami Diale uthi uhlabeke umxhwele ngezinga lebhola lomnqakiswano KwaZulu-Natal njengoba ebethamele umcimbi we-10th KZN Netball Awards obubanjelwe eBON Hotel, eMpangeni ngoMgqibelo.
UNkk Diale usho kanje njengoba bekuklonyeliswa abadlali, abaqeqeshi, iziFunda, omasipala nabanye ngokuzimisela kwabo kwisizini ka-2025/26 ye-netball.
Ekhuluma neCredible Source uthe iKwaZulu-Natal (KZN) iyisisekelo se-netball.
“Engingakusho njenge-NSA ukuthi iKZN iyisisekelo se-netball ngenxa yezinga labadlali elibakhiqizayo. IKZN iyisifundazwe esikhulu uma kuziwa kwi-netball njengoba bebaningi abadlali asebehambe bayomela izwe emidlalweni yomhlaba, abaqeqeshi, abaqondisi abahamba beyoqhudelana namaqembu asezingeni eliphezulu.”
“Abadlali abafana no-Gorgeous (Nozipho Ntshangase) oseqenjini lesizwe futhi uqhudelana nabadlali abanezinsiza emanyuvesi, kodwa uyakwazi ukungena kwi-netball- court enze ezibukwayo,” kusho uDiale.
Uthe into ayaziyo ngesifunda iKwaZulu-Natal ukuthi sinestayela.
“Iningi lethu sibukela kuso isifundazwe saKwaZulu-Natal ngenxa yokuba neligi enkulu ye-netball. Engikubone lapha (esho ngoMgqibelo), kungeminye yemicimbi emihle kakhulu ye-netball ngoba ukuklomelisa abadlali bethu kubanika isibindi sokuthi baqhubeke bedlale nokutshengisa ukuthi siyayibona imisebenzi, ukuzimisela kanye nokuzinikela kwabo,” ubeke kanje.
UMengameli we-KZN Netball, uNkk Gugu Ngema yena ubonge ukusebenzisana ukuze kusimame inetball esifundazweni.
“Lomgubho weminyaka eyishumi ubonisa ukuzibophezela kwethu ekukhuliseni amakhono nasekwakheni isiko eliqinile le-netball eKZN. Siyabonga kubalingani bethu ngokukholelwa kwabo embonweni wethu,” usho kanje.
Uhlu oluphele lwabaklonyeliswe kuma 2025 KZN Netball Awards:
Behavioral category:
Njabulo Mzimela
Most Improved Player:
Siboniso Mkhize
Most Disciplined Team of the Year:
BSS Netball Stars
Umpire of the Year:
Liphelele Majola
Technical Offical of the Year:
Congo Nxumalo
Manager of the Year:
Linda Morrison
Coach of the Year:
Nompumelelo Mthembu
Shooter of the Year (Juniors):
Mbali Diphoko
Shooter of the Year (Males)
Sibongakonke Vava
Shooter of the Year (Females)
Amanda Ntshangase
Midcourt player of the Year (Juniors)
Alwande Magasela
Midcourt player of the Year (Males):
Nhlanzeko Mhlongo
Midcourt player of the Year (Females):
Nosihle Mkhwanazi
Defender of the Year (Juniors):
Sinegugu Gamede
Defender of the Year (Males):
Vukile Zulu
Defender of the Year (Females):
Nozipho Ntshangase
Media Personality of the Year:
Mzwamandla Zondi
Team of the Year:
Kingdom Stars ZN
Administrator of the Year:
Zimephi Phakathi
District of the Year:
Umgungundlovu District
Certification of Appreciation:
Ethekwini Municipality
UMhlathuze District Municipality
Aquelle
Special Awards (Inkanyezi)
Elliot Mthiya
Precious Mthembu
Nompumelelo Mthembu
Personality of the Year:
Nduduzo Myeni
Sportsman of the Year:
Vukile Zulu
Sportswoman of the Year:
Jordan Buys


