Nhlakanipho Mnqayi
Inhlangano ebhekelele ojantshi, amachweba kanye namapayipi eNingizimu Afrika, uTransnet, muva nje ibe nomjaho ngenhloso yokulwisana nesihlava sokubulawa kwabantu besifazane nezingane, iGender Based Violence (GBV) eSuncoast Casino, eThekwini.
Lo mjaho obizwa nge-”Walk For Them” Charity Fun Run bekugijinywa ibanga elingamakhilomitha angu-4 kuya ku-8 njengoba izwe liqhubeka nomkhankaso wokulwisana nodlame olubhekiswe kubantu beifazane i-16 Days of Activism Against Women and Children.
Omunye wabagijimi onqobe umjaho kwabesilisa uMnuz Jabulani Nkuna, uthe ujabulile ukuba yingxenye yalo mjaho.
“Kube umajo omuhle kakhulu futhi omnandi ngoba siyanikela kubantu besifazane kanye nomama bethu eNingizimu Afrika. Njengoba sazi ukuthi lei sihlava umengameli wethu wasihlonza njenge nhlekelele, kubalulekile kakhulu kithi ukuthi sizibandakanye nawo lomjaho ngoba uma sisonke singenza okuningi.”
“Ngalo mjaho sifuna ukuphinde siqwashise ukuthi ukuhlukunyezwa kwabantu besifazane yinto ekhona futhi yinto eyenzekayo esingeke siyizibe. Sifuna wonke umuntu abe yingxenye yokulwisana nesihlava. Ngakho-ke ngalo mjaho yindlela nathi esifaka ngayo isandla ekulweni ne-GBV,” kusho uNkuna.
Iphini leMeya yeTheku, uNkk Zandile Myeni, uwushayele ihlombe lomjaho waphinde watusa ubumbano njengoba zilokhu ziqhubeka nokukhula izibalo zokuhlukunyezwa kwabesifazane esifundazweni.
“Lesi isikhathi sokuthi senze. Kumele sonke sisebenzisane okufaka Phakathi uhulumeni, imiphakathi nezinhlaka njengoba izibalo ziqhubeka nokukhula, ikakhulukazi la eThekwini. Lomjaho ungezinye zezindlela zokubuyisa umphakathi wethu,” kusho uNkk Myeni.
Okunye okuhlalukile kulo mjaho ukuthi ukwazile ukuqoqa imali engu-R250 000 ezosiza izinhlangano eziningi ezilwisana nokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane.


