Nhlakanipho Mnqayi
INkantolo yeMantshi eThekwini inqume ukumgcina esitokisini umsolwa osolwa ngokubulala umama wakhe endaweni yakwaMpanza, eLamontville, eThekwini.
U-Andile Chiya (33) usolwa ngokubulala umama wakhe, uNkk Julia Chiya (68) zingu-2 Novemba nonyaka kuthiwa ebefuna ngodli imali yerenti kagogo, njengoba ugogo ebeqashisa ngezindlu zokuhlala khona endaweni, imali ayikoleke uma sekuphele inyanga.
Ngaphambilini, iCredible Source yabika ukuthi ngesikhathi umsolwa evelile enkantolo, icala lahlehliswa namuhla zingu-11 Disemba nonyaka. Nanamuhla, umsolwa uphinde wavela phambi kweMantshi, icala laphinde lahlehliselwa zingu-18 Disemba nonyaka.
“Umsolwa uzogcinwa esitokisini sase-Brighton Beach ukuze kuqhutshekwe nophenyo, kuqinisekiswe ikheli ahlala kulo, kubhekwe ukuthi awekho yini amacala athinteka kuwo,” kusho iMantshi.


