Nhlakanipho Mnqayi
UMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal (KZN), uqwaqwade eminye iminyango yezemfundo kuzwelonke emiphumelweni ka-matric yango-2025.
IKZN ilale endaweni yokuqala njengoba ithole ngaphezu kuka-90%.
UNgqongqoshe wezeMfundo eyisiSekelo, uNksz Siviwe Gwarube, ngesikhathi ememezela imiphumela yalo nyaka ka-matric, emcimbini obuseGauteng, uncome lesi sifundazwe ngokushaya emakhanda ezinye izifundazwe.
“Lolu hlelo alukhiqizi izinga esilifunayo noma ngabe likhulu kangakanani izinga lokuphasa,” kusho uGwarube.
Uthe lesi sifundazwe senze kahle kwazise besibhekene nezingqinamba eziningi.
Uveze nokuthi lesi sifundazwe sithole u-90.6%, okuchaza ukuthi silale endaweni yokuqala, sashaya ezinye izifundazwe. Nyakenye emiphumeleni ka-matric, iKZN yaphuma endaweni yesibili ngokuthola u89.5%, iFree State kwayiyo eyayilele endaweni yokuqala ngo-91.0%, iGauteng yona yayilele endaweni yesithathu.
Isiyonke imiphumela ka-matric ezifundazweni ezahlukene ihambe kanje:
KwaZulu-Natal – 90.6%
Free State – 89.3%
Gauteng – 89.0%
North West – 88.4%
Western Cape – 88.2%
Northen Cape – 87.7%
Mpumalanga – 86.5%
Limpopo – 86.1%
Eastern Cape – 84.1%


