By Gugulethu Jali
Amaphoyisa aseNanda athi aphenya ngokubulawa kwabashadikazi ngonya phambi kwezingane zabo ngoMsombuluko ngemuva kokuba izigebengu zingene emzini wabo eMachobeni zabathela ngezinhlamvu eziningana. Kuthiwa uNkk Slindile Lushaba udutshulwe ngezinhlamvu ezingamashumi amabili nane, okwenza ukuba amaphoyisa asole ukuthi bekufunwa yena.
“Lapho izidumbu ezimbili okungesendoda nesowesifazane, okukholakala ukuthi baneminyaka ewu-38, zitholwe zidindilizile ngaphakathi endlini yabo,” kuchaza uKapteni Ntathu Ndlovu ngabakutholile ngengamaphoyisa.
UNkk Lushaba oneminyaka engu-38 ubudala, obefundisa uGrade 4 eMatikwe Primary School, eNanda.
Umphakathi uthi lomndeni ubunonyaka owodwa vo uhlala eMachobeni, futhi bebengakaqedi ngisho unyaka bebophe ifindo likasofasilahlane.
Abasolwa bantshontshe nempahla endlini ngaphambi kokuba babaleke.