By Philani Khumalo
Umphakathi ohlala emgwaqeni wakwa F eMlazi, ukhala ngobudedengu kubashayeli bamatekisi bebe beyazi nendlela ukuba ayiyinhle.
Abantu bakulendawo bathi sekuvamile ukuba bezwe ngamatekisi egubulundela emagcekeni abo.
KunguMgqibelo kuzwakale abantu behayiza ngokuzwa into ithi gqi kwabe sekuzamaza umhlaba. Umshayeli wetekisi uSakhile Cele usehlulwe ukulawula itekesi abehamba ngayo ngenkathi eyophonseka emzini waka Nyawose. Imoto yabe isimpintsheka phakathi nodonga lwendlu nonqenqemana lokuqala komgwaqo. Itekisi labe selilimala.
Uthi ubeqala ukusebenzisa lomgwaqo, wangasinaka isivinini kanti ebe engazi ukuthi kudingeka inono lomshayeli – yena uqhube ngobudlukulundela abaziwa ngakho abamatekisi kanti akabuzanga elangeni, zamubhedela wabe eselimaza nendlu enkungesiyo eyakhe!
Izingane ebezidlala ibhola emgwaqeni zisinde ngokucabanga ngokukhalipha ngenkathi ziyibona ingozi iza kude, zakwazi ukubaleka ukuze ziphephe.
USamukelo Nyawose uthi ubengaphakathi kupho ngengathi ezwa umsindo. “Ngiyizwe isishaya udonga ngaphuma ngiyobheka ngabona sekukhona abantu ngaphandle. Umshayeli ulimalile kodwa isimo asisibi ngaleyondlela kanti nasekhaya akekho othintekile ngalesohlo okunye umshayeli ubengawadlile amanzi amponjwana ngiyacabanga kube iphutha.”
Omunye wabahlali uSinqobile uthi kungubudedengu ukushayela ngendlela oyithandayo kulendawo. “Umgwaqo awukho muhle neze kumele ucophelele impela ungagijimi. Okunye okuyimbangela yalokhu izimvula eziwududulayo umgwaqo. Cishe sekuyimoto yesithathu ebhekana nalenhlekelele.”
USphamandla Myeza ongumonye womakhelwane ukhombise ukuthuka. “Ngivele ngathuka ngibona itekisi indiza iyoshaya ka makhelwane. Uma ngiphuthuma ngithole ukuba awukho umonakalo omkhulu, kube imihuzuko nje.”