By Siphumelele Madide
Bekufinywa ngendololwane, kuphume nomtakabani ngesikhathi indodana endala yeNkosi, uZungu KwaMadlebe, eMpangeni enyakatho neKwaZulu-Natal ibikhehla yaphinde yeMbesa muva nje.
UMnuz Malusi Zungu, ukhehle waphinde weMbesa ingoduso yakhe uSamukelisiwe Gazu waseMamba, eNkandla. Lomcimbi ubuhanjelwe nguNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, iMeya yaseMhlathuze, uMnuz Xolani Ngwezi, kanye nabaholi bendabuko abebeqhamuka esifundeni saseKing Cetshwayo nasesiGodlweni sakwaPhindangene.
Abebehambele lomcoimbi kanokusho, bachaze umcimbi walezi zithandani njengotshengisa uthando lakwaZulu.
“Uthando nenjabulo phakathi kukaMalusi noSamukelisiwe, kube yinto enhle futhi efanele ukubukwa. Ukubungaza kufane nothando oluqhakambisa amagugu ethu akwaZulu,” kusho uSibusile Mthembu obeyingxenye yawo.
Lomcimbi kanokusho uhehe abaningi ezinkundleni zokuxhumana, abanye bebuza ukuthi imali yawo iqhamuke kephi njengoba kuhlatshwe nezinkomo ezingu-22. Lezi zinkulumo ziqhamuka nje, uMalusi uthengele ingoduso yakhe izimpahla zikanokusho okubalwa kuzo iGucci, Coach, Polo, Karl Lagerfeld, Armani Exchange nePandora. Akagcinanga lapho, uphinde wathenga isiqandisi kanye nomshini wokuwasha.