By Nhlakanipho Mnqayi
UNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Thami Ntuli utuse abaxhasi ukuthi batshale izimali kulesi sifundazwe ngoba uma benza kanjalo batshala imali ekusaseni lase-Afrika.
UNtuli usho kanje njengoba namhlanje kuvulwa inkomfa yeKwaZulu-Natal Investment Conference, e-International Convention Centre (ICC), eThekwini ezoze isongwe zingu-24 October nonyaka ngaphansi kwengqikithi ethi: Building a Resilient, Inclusive and Globally Competitive KwaZulu-Natal.
Enkulumeni yakhe, uNtuli ubeke eqhulwini eyokuqinisekisa ukuthi ngale nkomfa akuqiniswe amaxhamu okusebenzisana.
“Njengo hulumeni wesiFunda siyaqinisekisa ukuthi ukuxoxisana kwethu nabatshali zimali ukuthi kuba yizingxoxo ezihlabahlosile futhi ezinamaqhinga,” kusho uNtuli.
Uthe njengo hulumeni bakhona ukulekelela ukuthi amabhizinisi ayaluthola uxhaso nokwesekwa okufanele.
“Abaxhasi abahlanganyele kanye nathi ekwakheni isifundazwe saKwaZulu-Natal ukuthi sikwazi ukuncintisana. Ngokubambisana, singakwazi ukuthi sishintshe isifundazwe sethu sibe yindawo yesimanjemanje yase-Afrika, ibe yisifundazwe esikhulayo, futhi siphinde sihambe phambili,” usho kanje.
Undunakulu ugcizelele elokuthi le-nkomfa akusona isiphetho sezingxoxo, kodwa iyisiqalo sesahluko esisha sokusebenzisana, ukuzethemba kanye nempumelelo.