Nhlakanipho Mnqayi
Umqeqeshi weqembu lebhola labesifazane, iMphehli All Stars FC, uNkosinathi Mbili uncome ithimba lakhe labaqeqeshi kanye nabadlali emva kokunqoba umqhudewano we-KwaZulu-Natal UBHUQU Tournament obubanjelwe kwaMsane Sports Complex, eMtubatuba.
UMbili usho kanje emva kokuthi ezakhe zinqobe owamanqamu zibhekene ne-Lindelani Ladies FC njengoba zidlale ngokulingana ngo 0-0. Elinye iqembu labesifazane ebeliyingxenye yalomqhudelwano yi-Newcastle Chess Ladies FC elale isibili uma sekuhlanganiswa amaphuzu njengoba bekudlalwa kusetshenziswa uhlelo lwe-round robin.
Bekungesilo ibhola lezinyawo kuphela ebelidlalwa njengoba bekukhona nebhola lomnqakiswano (netball) lapho bekuqhudelana iziFunda ezingu-11 zaKwaZulu-Natal.
Elandisa iCredible Source, uMbili uthe njengoba beyomela iKwaZulu-Natal emidlalweni kazwelonke ye-Sasol National Playoffs yokuhlungela amaqembu azongena ku-Hollywoodbets Super League.
“Ngiyathemba njengoba sekusele izinsuku ezincane ukuthi silibangise eGoli, bonke abadlali bethu abebelimele bazobe sebeluleme. Ngithanda nokubonga usoseshini waKwaMashu Local Football Association ngokweseka iqembu lethu njengoba kuyilona kuphela ngaphansi kwawo.”
“Sifuna ukuba yingxenye yamaqembu amabili azokwazi ukuthi angene esigabeni esiphezulu kwazise amaqembu amabili alapha eKZN, okuyi-Durban Ladies FC neRoyal AM edliwe yizembe. Asizifakeli ingcindezi njengoba siyiqembu elisanda kusungulwa, kodwa sizozimisela ngakho konke esinakho,” kusho uMbili.
Umqeqeshi woMkhambathi FC, uXolani Khumalo yena uthe umqhudelwano ubungekho lula njengoba iqembu lakhe liguqise uMsinga United ngo 1-0 emdlalweni wamanqamu.

“Lo mqhudelwano ubusihlola ukuthi sesikephi ngokwezinga lokulungiselela imidlalo yeligi eqhubekayo. Iphinde yasibonisa ukuthi isikwathi sethu sikhulu njengoba siqale ukudlala ngoMgqibelo okungesiyona into elula,” kusho uKhumalo.
UMphathiswa wezeMidlalo, Aamasiko namaCiko, KwaZulu-Natal, uMtomuhle Khawula, ubonge ukwesekwa umphakathi wasendaweni yakwaMsane.
“Sijabule kakhulu futhi imidlalo ihambe kahle. Sibonga ukwesekwa abantu baseMkhanyakude, iKwaMsane Kanye nabantu baKwaZulu-Natal yonkana,” kusho uKhawula.
Uhlu lwabanqobe emqudelwaneni we-KwaZulu-Natal UBHUQU Tournament:
Netball
Ethekwini District (abanqobile)
UThukela District (abalale isibili)
Ugu District and Amajuba District (abalale endaweni yesithathu)
Ladies Football
Mphehli All Stars FC (abanqobile)
Newcastle Chess Ladies FC (abalale isibili)
Men’s Football
Mkhambathi FC (abanqobile)
UMsinga United (abalale isibili)

