Nhlakanipho Mnqayi
Uveze izinkinga ezahlukene obhekene nazo umphakathi waku-ward-12 KwaNdengezi, eThekwini ngesikhathi uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli ehambele lomphakathi izolo.
UNdunankulu ubehamba nongqongqoshe abahlukene baKwaZulu-Natal ngaphansi kohlelo i-Operation Sukuma Sakhe ngenhloso yokunika ithuba umphakathi ukuba uzikhulumele nohulumeni wawo.
Kwezinye zezinkinga lomphakathi okhala ngazo kubalwa kuzo izinkinga zikagesi, amanzi kanye nobugebengu.
ICredible Source ixoxe namanye amalunga omphakathi ukuzwa ukukhala kwawo mayelana nalezi zinkinga nanokuthi ukungenelela kuka ndunankulu nezinhlaka kuzona nomthelela ongakanani endaweni.
UMnuz Sbusiso Makhathini uthe ukusondela kuka Ndunankulu kubanika ithemba.
“UNdunankulu usikhathalele njengoba sibhekene nenkinga yezidakamizwa nobugebengu. Sinethemba kakhulu njengoba kungokwesibili lembizo ibanjwa. Izinhlelo eziningi ezenziwayo nokuba khona kwamaphoyisa kuyasiza kakhulu njengoba abantu abaningi beboshwa,” kusho uMakhathini.
Omunye wamalunga omphakathi, uNkk Sbongile Dlamini, yena udlulise ukubonga ngoxhaso abalithola kuhulumeni ngemifaniswano yezingane. Uphinde wakhala ngobugebengu obudlangile endaweni yaKwaNdengezi.
“Sesibonga ukuthi yihlobo njengoba sikwazi ukuvuka ekuseni siye emsebenzini futhi ukufika kwakhe undunankulu kusinika ithemba lokuthi ubugebengu buzophela endaweni,” usho kanje
UNdunankulu edlulisa inkumo yakhe uthe lolu hlelo lwenzelwa ukuba uhulumeni anike ithuba umphakathi ukuthi uzikhulumele, okuzokwenza ukuthi babone ukuthi uhambo abaluhambayo njengo hulumeni luyalibuyisa yini ithemba.
“Siwuhulumeni othi asihleli izinhlelo ebese sizishiya kanjalo, singazigadi ukubona ukuthi ziyabasebenzela yini abantu futhi ziyakwazi yini ukuphendula ezinkingeni ababhekene nazo. Siwuhulumeni ongahlali emahhovisi kodwa sinenkolelo yokuthi kufanele singene laphaya nalaphaya,” kusho uNtuli.
Khonamanjalo, undunankulu uphinde wathinta eyabokufika kuleli abangenazo izimvume nathe akukwazi ukuthi abantu baKwaZulu-Natal baswele imisebenzi ekubeni kunezinkampani eziqashe abokufika abakuleli ngokungemthetho.

