Ndumiso Khuzwayo, Nhlakanipho Mnqayi
Bafisa agugele ejele owomndeni osolwa ngokubulala umama wakhe otholakale
esedindilizile emzini wakhe endaweni yakwaMpanza, eLamontville, eThekwini.
Umndeni usho kanje njengoba u-Andile Chiya ebevelile enkantolo yeMantshi
eThekwini namhlanje ngecala lokubulala, icala lahlehliselwa zingu-11 Disemba
nonyaka, ukuze afake isicelo sebheyili.
UMnuz Wise Chiya oyindodana endala ka-Julia Chiya (68) ongumufi, uthe
kusolakala ukuthi umama wabo ubulawe ngumfowabo omcane-Andile Chiya
(33) obehlala naye kanye nabazukulu zingu-2 Novemba nonyaka. Kuthiwa
umsolwa ubefuna ngodli imali yerenti kagogo, njengoba ugogo ebeqashisa
ngezandla zokuhlala khona endaweni, imali ayikoleke uma sekuphele inyanga.
Ngokusho kuka-Wise elandisa iCredible Source, uthe wathola
ngomakhalekhukhwini ukuthi umama wakhe useshonile, uma ebuza ukuthi
ushone kanjani, kwathiwa kungene izigebengu. Uthe ngesikhathi efika, wafica
umama wakhe elele phansi ngobuso, uma bezama ukumvusa, kwatholakala
imali engango-R800 ngaphansi kwakhe, okwamenza wabona ukuthi kube
khona ukungazwani phakathi kuka nina nomsolwa okuholele ekutheni
umsolwa ashaye ugogo aze ambulale. Uphinde waveza nokuthi umsolwa
ungumuntu onodlame.
“U-Andile (umsolwa) ungumuntu onobukhotheni. Esikhathini esiningi
usebenzisa izidakamizwa, ulimaza abantu, omakhelwane abajabulile ngaye,
nasemndenini akasiyena umuntu omuhle kwazise uhlukumeza nezingane
ezincane khona la ekhaya. Ubengaqali ukwenza into efana nale, sekukaningi.
Nami nginomaka lapho angilimaza khona,” kusho uWise.
Uthe njengomndeni bafisa iMantshi imgwebe udilika jele.
“Njengomndeni asifisi ngisho ukumbona. Udilika jele umfanele ngoba
akasiyena umuntu esingahlala naye emndenini. Usefana neqaqa ngisho
komakhelwane, emphakathini wonke ubewuhlupho olukhulu. Singajabula
kakhulu uma engase athole isigwebo esimfanele ngoba sisasezinhlungwini,”
usho kanje.
Omunye womakhelwane, uNkk Mimi Nkwanyane yena uthe isimo sika mufi
sasisabisa ngesikhathi bembona.
“Wayevuvukele ebusweni futhi ehuzukile. Isimo sakhe sasisibi kakhulu
okwasenza sabaleka ngenxa yokuthuka. Ngaze ngambuza umsolwa ukuthi
isthandwa sakho angithi lesi, wavuma, ngathi ubekuthanda angithi nawe
umthanda futhi ekuvikela, ngase ngimshiya kanjalo,” kuchaza uNkk
Nkwanyane.
Uthe sebekhathele njengo gogo ukuhlukunyezwa baphinde bebulawe izingane
abazizalayo. Uthe baningi abantu abakhalayo ngomsolwa futhi abasamdingi
emphakathini waseLamontville.
Okunye okuhlalukile ukuthi umsolwa waphinde wazama ukusulela icala
ngomfowabo ongaphilile ekhanda njengoba athatha izimpahla ezazigqokwe
ngunina wakhe wayozifaka egunjini lakhe.

